English | Zulu | Afrikaans | Bemba
Ukufa
kungalindele muntu kwashiya uThulani nesizungu
Izinkantini zasentumbane, eZimbabwe zazimjwayele uThulani Ndebele —
wayeyisidakwa esilula futhi esijwayelekile.
Wayezazi,zonke izindawo ezinotshwala noma ezidayisa utshwala kakhulu ubhiya.
Wayazi futhi ukuthi inkinga yakhe yotshwala yayibeka umsebenzi wakhe engozini,
kepha wayengenandaba ngoba wayekholelwa ekutheni ukuhlala nomama wakhe
nabatwana bakubo kwakuzokwenza ukuthi bamsize ngasosonke isikhathi uma
esenkingeni.
“Lonke iholo (wages) lami laliphelela kubhiya engangizithokozisa
ngawo,” usho kanjalo uThulani. “Nsuku zonke ngangifika emva
kwesikhathi emsebenzini, noma nganginesifiso sokuba
ngusomabhizinisi”.
Ngonyaka ka 1988, isehlakalo esibi savelela uThulani okokuqala lapho umndeni
wakhe wawungeke umsize.
“Ngenyanga ka May umngani wami engimthandayo wahlaselwa yisifo
sikamalala eveva (malaria) wadlula emhlabeni,” usakhumbula.
“Ukufa kwakhe kwangiphatha kabi, ngoba kwakunguyena kuphela umngani
wami. Ngazizwa nginesizungu futhi nginokwesaba, ngangidinga umuntu
owayengangiduduza”.
Iminyaka eminingi abantu abaningi babezama ukuchazela uThulani ngezindaba
ezimnandi zika Jesu Kristu, kepha wayengabanaki. Noma wake wazihambela
izinkonzo zikaSonto skole (Sunday School) esengumfanyana wayezithandela nje
ubumnandi ukudlula ukufunda ngoNkulunkulu. Manje wayeselungele ukulalela
nokwamukela induduzo eqhamuka eBhayibhelini.
“Ngolunye usuku ngisaya emsebenzini ngahlangabezana nomunye
wesifazane,” usakhumbula. “Wangichazela ngevangeli futhi
wangimemela kwinkonzo yezifundo zeBhayibheli eyayingasekhaya. Ngaya kuso
lesosifundo lapho ngafika ngamukela uJesu Kristu njenge Nkosi noMsindisi
wempilo yami”.
“Umshumayeli noma umFundisi wachaza ngothando luka Nkulunkulu
ngathinteka ngithintwa ukuthi kunomuntu ongithandayo kangangokuthi waze
wangifela. Ngangazi ukuthi ngangidinga umuntu ozongithanda futhi angiduduze
emva kokulahlekelwa ngumngani wami engimthandayo ngase ngiyakhuleka
kuNkkulunkulu”.
“Ngathi kuye, Nkosi, Jesu, ngiyakholwa ukuthi wangifela, nokuthi wavuka
ekufeni ukuze ngiphile ungunaphakade. Manje impilo yami ngiyinikela
kuwe”.
Emva kokuzinikela kwakhe kuJesu, uThulani wayeka ukuphuza utshwala wase
uyashada. Manje usenamadodana amathathu futhi uyahlonishwa ngumphakathi
njengendoda ephilela uNkulunkulu. Uyawuthokozela umsebenzi wakhe omusha
njengomfundisi futhi uyazi ukuthi kungakhathalekile ukuthi izinselela ezinjani
ahlangabezana nazo uNkulunkulu uzohlala enaye ngeke amshiye.
“uNkulunkulu ungiphilisile kubuhlungu bami bangaphambilini futhi
nezidingo zami uyahlangabezana nazo. Ngiyazi ukuthi ngeke ngishintshe
okwenzeka ngaphambilini, kepha nginawo amandla okushintsha ikusasa ngokukholwa
kuNkulunkulu nango ngokukholwa ukuthi uyazigcina izethembiso zakhe,”
uyaphetha uThulani.
|